JabulujuleJabulujule

#JabuluJule - Tea Time no Lady D - 06 May 2026

View descriptionShare
 

Angibingelele mamKhoza kanye nabalaleli, ngicela ukuba anonymous. Ngingowesilisa oneminyaka engama 28. Ngokusebenza ngiseMpumalanga kodwa ekhaya kuseKZN. ngihlala nengoduso yami futhi sineminyaka emithathu sihlala sonke khona lapha emqashweni eMP, kuthe ngo good Friday wona lo esibuya kuwo savakashelwa usbari wami okuwubhuti wengoduso yami ohlala eJozi. 10 min

Saphuza ke iweekend yonke, kuthe ngoMgqibelo ebusuku ngabo 10 sakhetha ukuthi siphume manje endlini sihambe siyophuza eclubhini engekho kude kakhulu nala sihlala khona. Ingoduso yami yona yathi ikhathele asihambe thina nosbari siyogroova. Inkinga-ke mamKhoza iqale sesiseclubhini.. Angazi ngizothi noma ngangenziwa utshwala kodwa sazithola sesibambene ngezandla sijaiva nosbari okwaholela ekutheni sihambe siyemontweni, ngazibona sesiqabulana naye usbari, senza nokunye enginamahloni okuthi ngikusho okwaba sengathi yinto okudala siyilangazelele sobabili.

  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

Jabulujule

Rural Development, women empowerment, crime awareness, health and lifestyle are what characterize Ja 
Social links
Recent clips
Browse 2,186 clip(s)