Igama lami bengicela lingadalulwa, ngingowesifazane okuma 40s ngokweminyaka. Yazi mama ngibhala lencwadi ngoba ngifuna usizo kumndeni wokhozi. Indaba yami injena. Nginezingane ezimbili eyentombazane neyomfana, le yentombazane ubaba wayo washona le Montana ukhona uyaphila kodwa asisazwani sineminyanka ewu 7 sahlukana. Manje ngibe sengithola omunye umuntu emva kokuhlukana no baby daddy, manje inkinga lomuntu engizwana naye mncane ngokweminyaka kunami mina ngimdala kuye and yena akanankinga ngalokho. Siyathandana kakhulu kodwa inkinga ikimi mom khoza ile yokuthi ngimdala kuye and ufuna siye kubo manje kodwa mina ngiyesaba ukuthi mhlampe ngeke bangithande kubo njengoba ngimdala kuye, u guy uneminyaka ewu 31, okunye ngike ngakhulelwa ingane yakhe yachitheka futhi umama wakhe uyazi ngalokho, Into embi esingifikela ukuthi ngivele ngimyeke ngize ngacabanga ukubhalela kuhlelo oluthile ngithi abangifunele umuntu ngivele ngimyeke lo omncane kimi, ngoba ngisaba ukubekwa amabala nokubizwa ngamagama.

#Jabulu Jule - Ikhaya Lamaciko no Siyabonga Mpungose -15 July 2026
16:10

#Jabulu Jule - Ingono yoMsamu no VVO - 15 July 2026
15:45

#Jabulu Jule - Mpilonhle Mpilonde with Dr Mthembu ( sikhuluma ngama blemishes neKiwi )- 14 July 2026
18:00