UDkt. Nonkululeko Madondo ungumbhali, isikhulumi esikhuthaza siphinde sigqugquzele abantu (Motivational Speaker), kanye nomgqugquzeli wokuthi abantu bazamukele futhi bazithande izimo zemizimba yabo (Body Positivity), aphinde abe ngumeluleki kwezempilo yengqondo (Mental Wellness Consultant). Ungomunye wabantu abahamba phambili ekulweleni ukuthi abesifazane abanemizimba emikhulu (Plus Size Women) bazithande, bazethembe futhi bangazenyezi ngesimo semizimba yabo. Uphinde abe yingxenye ye-Angiyikuswela Therapy Foundation. UDkt. Madondo ubalwa phakathi kwabesifazane abayi-100 abanethonya eNingizimu Afrika kuwo lonyaka ka 2026 (Top 100 Influential Women South Africa 2026).

#Jabulu Jule - Ithemba alibulali - Thank you - 15 October 2026
05:58

#Jabulu Jule - Umlazi New Sound Gospel Group - 15 October 2026
10:23

#Jabulu Jule - Ikhaya Lamaciko no Siyabonga Mpungose -14 October 2026
15:00