Woza Nabangani Bakho
UKHOZI FM MOTORING_ Sbo Myeni - 22 SEPTEMBER 2026 #UkhoziFMWNB
00:00 / 12:09
Woza Nabangani Bakho
UKHOZI FM MOTORING_ Sbo Myeni - 22 SEPTEMBER 2026 #UkhoziFMWNB
12:09
ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - ISilo uShaka kaSenzangakhona yaguqula ubukhosi obabubuncane baba nguMbuso kaZulu onamandla. Kodwa umlando wakhe kufanele uhlukanise iqiniso nenganekwane, futhi uvume kokubili ukwakha kwakhe isizwe nodlame lwezimpi zakhe #UkhoziFMWNB
27:07
NAMI IYASHUNQA INTUTHU_ Namhlanje sikhuluma no-Nksz Simthembile Sibisi waseMsinga, ongumama wengane eneminyaka eyisikhombisa (7) ubudala okusolwa ukuthi yanukubezwa ngokocansi yilungu lomndeni elingumkhulu womntwana. Ngokokulandisa kwengane, umsolwa ungumfowabo kamkhulu ozala unina…okusho ukuthi umkhulu omncane #UkhoziFMWNB
24:45
ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - IKhomishana kaMadlanga isiqede unyaka ilalela ubufakazi ngezinsolo zokungenelela kobugebengu, ezepolitiki nenkohlakalo ohlelweni lwezobulungiswa. Ubufakazi bakamuva sebubheke emaphoyiseni kamasipala waseGoli, emajele nasekutheni izikhungo zingahlanzwa kanjani #UkhoziFMWNB
21:20
ISIHAMBELI (GUEST) - Namuhla sixoxa no-Sbo F, umculi waseMsinga onamakhono ahlukene okubalwa kuwo ukuba yi-DJ, producer, songwriter kanye nokuba ngum-rapper. Usilethela ingoma yakhe entsha ethi “Ukube Kuya Ngami,” asebenzisane kuyo ne-Inkos’Yamagcokama kanye no-X-Wise. #UkhoziFMWNB
12:13
IZIHAMBELI (GUESTS) - Namhlanje sixoxa ne-duo esafufusa yaseNdwedwe, KwaZulu-Natal, eyakhiwe amawele uLungani noLungelo Hlophe, abazibiza, ABAYENI! Umculo wabo uhlanganisa i-Afro Pop, amasiko ase-Afrika kanye nezigqi zesimanje. #UkhoziFMWNB
09:36
ISIHAMBELI (GUEST) - Njengoba sigubha i-Tourism Month kanye ne-Heritage Month, namuhla sixoxa noMs Sithembile Ndaba, Chief Marketing Officer kwa- South African Tourism, ngokukhula kwezokuvakasha kwasekhaya, ikakhulukazi entsheni. #UkhoziFMWNB
11:02
EZIKABHOQO_ noWELE ku #UkhoziFMWNB (17 SEPT 2026)
04:51
ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Incwadi yefa ichaza ukuthi impahla nezikweletu zakho kufanele kuphathwe kanjani uma usushonile. Kusukela mhla ziyi-14 kuya ziyi-18 kuMandulo 2026, abameli namahhovisi eLegal Aid SA abambe iqhaza basiza ngokubhala izincwadi zamafa mahhala. #UkhoziFMWNB
21:16
UKHOZI FM MOTORING_ Sbo Myeni - Njengoba sisondela ekupheleni konyaka, kuvamise ukwanda ukwethulwa kwezimoto ezintsha emakethe. Lokhu kunikeza abathengi amathuba amaningi okukhetha, njengoba abakhiqizi beletha izinhlobo ezahlukene ezihambisana nezidingo, izifiso kanye nesabelomali sabo #UkhoziFMWNB
12:00
ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - AmaZulu ayenamagama, izibongo nezithakazelo kudala ngaphambi kokufika kwamakoloni. Amamishinali nombuso wamakoloni babe sebeshintsha indlela lezozimpande ezabhalwa, zahlelwa futhi zaphendulwa ngayo izibongo ezisemthethweni zesimanje #UkhoziFMWNB
22:37
NAMI IYASHUNQA INTUTHU_ Ngeviki eledlule sakhuluma nowesimame wakwa-Nongoma owagana emncane esafunda isikole ehamba Umhlanga egana umlisa ongumelaphi wendabuko wakhona naye endaweni yakwa-Nongoma owagcina emuhlukumeza. Namhlanje sithe asilubuyise loludaba ngenhloso yokuthi lo wesifazane akwazi ukuthola izaluleko zomthetho mayelana nokufaka isehlukaniso. #UkhoziFMWNB
21:32
ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Inhlolovo yokhetho (political poll) ayisona isiprofetho, kodwa iyisithombe semibono yeqeqebana labantu ngesikhathi esithile. Ingaba wusizo, kodwa indlela izinombolozayo ezethulwa ngayo ingaphenduka ithuluzi lezepolitiki. #UkhoziFMWNB
19:51
ISIHAMBELI (GUEST) - Namhlanje sikhuluma no-iFani, osebuyele ngezinkani endimeni yomculo ngokukhipha i-EP yakhe entsha esihloko sithi Msebenzi Wam #UkhoziFMWNB
07:22
IZIHAMBELI (GUESTS) - Umculi osezakhele igama futhi oseke wahlomula ngezindondo, uZandie Khumalo, uhlangane nomculi osafufusa onephimbo elinamandla, uThabiso Lavish, engomeni yabo entsha ethi “Loluthando”, ephume ngokusemthethweni mhla lu-1 kuMandulo 2026 #UkhoziFMWNB
08:50
INKUNZ`ISEMATHOLENI_ Namhlanje sikhuluma no-Ndumiso Mngomezulu ongumsunguli we-Khula Ekasi okuyinkundla sebenzisa ubuchwepheshe ukusiza amabhizinisi asemalokishini nasemakhaya, ikakhulukazi ama-spaza shops ukuthi asimame futhi abambe iqhaza ngokusemthethweni ukukhulisa umnotho wasemakhaya #UkhoziFMWNB
10:19
EZIKABHOQO_ noNDLEBE ku #UkhoziFMWNB (03 SEPT 2026)
06:29
ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Abantu baseNingizimu Afrika bathola izigidigidi zezingcingo ezingafuneki ezivela kubakhangisi nasezigebengwini. Sibheka ukuthi bazithola kanjani izinombolo zethu, ukuthi umthetho uthini nokuthi singazivikela kanjani #UkhoziFMWNB
19:22
ISIHAMBELI (GUEST) - Umlingisi nomethuli wezinhlelo uSphesihle Vazi usejoyine abalingisi bomdlalo Amalanga Awafani, nokuyisinyathelo esisha nesithokozisayo ohambweni lwakhe kwezokungcebeleka. Sizoxoxa noSphesihle ukuthi yini emdonsele ku-Amalanga Awafani, kanye nokuthi lendima imkhombisa kanjani ngendlela ehlukile kunaleyo ababukeli asebemjwayele ngayo. #UkhoziFMWNB
10:33
UKHOZI FM MOTORING_ Sbo Myeni - Ucwaningo lwezokuphepha emgwaqeni olwenziwe yizinkampani zomshwalense luveza ukuthi ukusebenzisa umakhalekhukhwini ngesikhathi ushayela sekungenye yezimbangela ezihamba phambili zezingozi, kuze kudlule ngisho nokushayela ngesivinini eseqile. Lokhu kukhombisa ukuthi ezimotweni zesimanje, ukuphepha akusagcini nje ngamabhande ezihlalo nama-airbag — ubuchwepheshe obusiza ukuvikela umshayeli nokumxwayisa ngobungozi sebubaluleke kakhulu kunakuqala #UkhoziFMWNB
10:48
ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - ISudan iyizwe elinomlando omdala kakhulu, kusukela emibusweni yaseNubia naseKush kuya emzabalazweni wobukoloni, umbuso wamasosha kanye nezinguquko zango-2019. Itholakala lapho kuhlangana khona i-Afrika eseningizimu yeSahara, iNorth Africa, iMiddle East kanye neRed Sea. Namuhla leli zwe lihlukene phakathi kwamasosha kahulumeni iSAF kanye nnamavukelambuso eRSF, kodwa ukuqonda iSudan kudinga sibuke abantu bayo, amasiko ayo kanye nomlando wayo, hhayi impi kuphela #UkhoziFMWNB
14:08
NAMI IYASHUNQA INTUTHU_ Njengoba sigoqa inyanga yabesifazane sesingena kwinyanga yamasiko futhi izintombi zizolungiselela ukuya emshadweni…sithe akesikhuluma nowesimame wakwa-Nongoma owagana emncane esafunda isikole ehamba Umhlanga egana umlisa ongumelaphi wendabuko wakhona naye endaweni yakwa-Nongoma #UkhoziFMWNB
22:15
ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Sibhekisisa kabanzi obekwenzeka kwiMadlanga Commission ngeviki eledlule. UCat Matlala uchaze ubudlelwano bakhe nezikhulu zamaphoyisa, uGodfrey Lebeya waphendula izinsolo zokuphazamisa ukuboshwa kukaKatiso Molefe, kanti uJoe Sibanyoni wakhuluma ngezinkabi kanye nodlame embonini yamatekisi #UkhoziFMWNB
19:43
IZIHAMBELI (GUESTS) - Namhlanje sikhumbula ifa lika-Dolly Parton njengoba esedlulile emhlabeni, amagalelo akhe emculweni kanye nobudlelwano bakhe ne- Ladysmith Black Mambazo…siphinde sibheke umthelela wokusebenzisana kwabo kanye nendlela leli qembu laseNingizimu Afrika elikhumbule ngayo lenkakha yomculi #UkhoziFMWNB
15:25
UMUNTU UMUNTU NGABANTU_ LoLwesine wanamuhlanje owokugcina kulenyanga…ngenyanga ezayo kaMandulu Amathole Funerals azobe ebungaza iminyaka engamashumi amabili asungulwa ngomkhankaso ka’No Waiting Period!’ ohambisana nendumezulu yemititilizo ezowinwa inyanga yonke…okubalwa etsha-sha imoto! #UkhoziFMWNB
17:06
NANSI IMEYILI ABAPHILE ABANTU_ Namhlanje sikhuluma ngendaba yamandla ‘POWER’ ukuthi amandla ngabe ayamushitsha yini umuntu! Sikhuluma nodokotela wezengqondo u-Dr Siya Nzimande ukuze asisize siqonde i-psychology yamandla kumuntu, kungani ingaba addictive, nokuthi umuntu angagcina kanjani esebenzisa amandla ngendlela enempilo nenobulungiswa #UkhoziFMWNB
17:25
EZIKABHOQO_ noWELE ku #UkhoziFMWNB (27 AUG 2026)
06:17
KUNGANI UNGAVELE UMSHIYE_ Njengoba sigubha iNyanga Yabesifazane, sixoxa no-Nobuhle Dumakude, umsunguli we-The Wounded Lioness Seminar, ngokubaluleka kokuzimela kwabesifazane, ikakhulukazi ngokwezimali nangokwakha amabhizinisi. Sizophinde sibheke ukuthi ukuzimela, ulwazi lwezezimali kanye nokuzethemba kungabasiza kanjani abesifazane ekubhekaneni nezinselelo ezifana ne-GBV, impilo yengqondo kanye nokwakha ikusasa elizinzile. #GBVIt EndsWithYou #UkhoziFMWNB
09:08
ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Ubuchwepheshe be-AI busiza izigebengu ukubhala imiyalezo ebukeka inobuqiniso, zilingise amazwi abantu futhi zakhe ama-website abukeka esemthethweni. Lokhu kwenza imikhonyovu yamabhange, iSARS nezimali ezitshaliwe kube nzima ukuyibona. Namuhla sibheka ukuthi lemikhonyovu isebenza kanjani nokuthi abantu bangazivikela kanjani #UkhoziFMWNB
18:52
UKHOZI FM MOTORING_ Sbo Myeni - Kule ngxoxo sizobheka ukuthi i-tracker isebenza kanjani, kungani ibalulekile kumnikazi wemoto, umehluko phakathi kwe-tracking ne-recovery, nokuthi yini umuntu okufanele ayibheke lapho ekhetha i-tracker #UkhoziFMWNB
13:15
ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Umhlaba ubhekene nezimpi e-Ukraine, eMiddle East, eSudan, eDRC, eMyanmar nakwezinye izindawo, kodwa akuzona zonke ezithola ukunakwa okufanayo. Lezi zimpi ziqhutshwa umbango wamandla, umhlaba, izinsiza, ubuzwe kanye nokungenelela kwamazwe amakhulu. Namuhla sibheka ukuthi zixhumene kanjani nokuthi kungani imiphumela yazo ithinta neNingizimu Afrika #UkhoziFMWNB
22:39
NAMI IYASHUNQA INTUTHU_ Yingabe umuntu angafuna yini isondlo kudadewabo noma kumfowabo ngokusemthethweni? #UkhoziFMWNB
21:53
ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - INingizimu Afrika iyizwe elishoda ngamanzi, kodwa inkinga ayidalwa yisimo sezulu kuphela. Ukulahleka kwamanzi emapayipini avuzayo, ukungaphathwa kahle kwezinsiza zamanzi kanye nezinsolo zama-water tanker cartels kwenza isimo sibe sibi kakhulu. Ingxoxo yethu ibheka ukuthi sifike kanjani lapha nokuthi yini okufanele yenziwe ukuvikela ikusasa lamanzi #UkhoziFMWNB
14:28
IZIHAMBELI (GUESTS) - Kule ngxoxo sizobe sikhuluma no Aionic noDJ Klackas ngengoma yabo entsha ethi “Ngibambe”, abahlanganyele kuyo no Konke. Le ngoma ihlanganisa amazwi agcwele imizwa, i-groove emnandi kanye nomsindo opholile, ohlanganisa i-piano, i-bass kanye ne-percussion ngendlela ethokozisayo #UkhoziFMWNB
11:26
UMUNTU UMUNTU NGABANTU_Sibukeza ukufihleka ngesizotha kwa-Scebi “NkosYamagcokama” Dlamini ngempelasonto edlule kanjalo nokukhumbuza abalaleli ngomugubho ka- 20 Years wase-Amathole Funerals njengoba bezokwenza indumezulu ka-No Waiting Period ohambisana nezipho ezinkulu #UkhoziFMWNB
15:14
EZIKABHOQO_ noCHURCH BOY ku #UkhoziFMWNB (20 AUG 2026)
07:00
ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Ingxoxo yethu namuhla ichaza ukuthi imali iyini ngempela, ukuthi idalwa kanjani, nokuthi kungani ukugaya (print) imali eningi kungaba yinhlekelele #UkhoziFMWN
20:12
UKHOZI FM MOTORING_ Sbo Myeni - i-Festival of Motoring yangonyaka odlule yaba nezivakashi ezingaphezulu kuka 32 000 eziqhamuka kumazwe angu 19 namadolobha angu 272. Kulonyaka i-Festival of Motoring yaka-WesBank ithembisa okudlulele njengoba iwumcimbi womndeni evelele nyakawonke. Namuhla sizobheka ongakulindela wena nomndeni wakho kulomcimbi #UkhoziFMWNB
13:52
ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Umasipala usebenza ngendlela ehleliwe, lapho izikhungo zezombusazwe nezokusebenza zisebenzisana ukuletha izinsiza emphakathini. Lesi sakhiwo sichaza ukuthi ubani onamandla okuthini nokuthi kungani ukwakheka komasipala kubalulekile ekuphathweni kwezinsiza zomphakathi #UkhoziFMWNB
16:00
NAMI IYASHUNQA INTUTHU_ Nanhlanje sikhuluma no-snonymous ongowesifazane osibhalele ngenkinga abhekene nayo. Emva kokuzwa uhlelo esalwenza ngeviki eledlule kwingosi “Nans’Imeyili” lakho sasidingida khona ukuqonda ukuya esikhathini kwabesifazane…wabe esesibhalela ngenkinga emphethe yama-fibroids kanye nama-piles. Uthi nasendini yangasese akasakwazi ukuya kathi wopha kakhulu kuse kudingeke ukuthi ayofakelwa igazi esibhedlela #UkhoziFMWNB
15:39
ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - IKhomishana kaJustice Mbuyiseli Madlanga isushinthe isimo ngokuthatha izinyathelo zomthetho, ukugxila ekuziphatheni okungemthetho, izinsolo zokuphathwa kabi kwezinhlelo zophiko lwezokuphenya nokushushisa i-IDAC, kanye nobufakazi obusha obuphuma ku-IPID mayelana neqembu lamaphoyisa aseKZN elisolwa ngokubulala abasolwa ngaphandle kwenqubo esemthethweni #UkhoziFMWNB
19:43
ISIHAMBELI (GUEST) - Namhlanje sixoxa no-Mome Mahlangu ongusaziwayo nosedlule ezintweni ezinzima empilweni kodwa athi zimenze waqina ukhakhayi njengomuntu wesifazane…kusukela eshawa yi-stroke, ukubhekana ne-case kamuyeni wakhe u-Tol Ass Mo, umdeni kanye nezimo nje zempilo #UkhoziFMWNB
22:08
UMUNTU UMUNTU NGABANTU_Sivule leliviki ngezindaba ezingezinhle zokudlula emhlabeni kwe-Nkos’Yamagcokama, namhlanje sikhuluma nokhulumela umndeni ngokubambisana nabakwa-Amathole Funerals ngezinhlelo zokufihlwa kwe-Nkos’Yamagcokama kanjalo no-Gumu ‘Gupta’ Mchunu! #UkhoziFMWNB
23:06
NANSI IMEYILI ABAPHILE ABANTU_ Namhlanje sikhuluma no-Dr Siyanda Zulu oyi-Fertility Specialist, Obstetrician & Gynaecologist ngento okungajwaylwe ukuthi kukhulunywe ngayo – ukuya esikhathini kwabantu besifazane. Kulenyanga yabesifazane, sibheka iqiniso ngokuya esikhathini – ukuthi kwenzekani emzimbeni wesifazane, yini ejwayelekile nokuthi yini engase ibe uphawu lokuthi kufanele abonane nodokotela #UkhoziFMWNB
18:33
EZIKABHOQO_ noNDLEBEku #UkhoziFMWNB (13 AUG 2026)
07:02
KUNGANI UNGAVELE UMSHIYE_ Namhlanje sikhuluma namakhwapha emjolweni, sikhuluma nothi – ngiyikhwapha impela futhi ngangena ngizazi ukuthi ngiyikhwapha kulomjolo…kodwa sengikhathele ukufihlwa, sengifuna ukwaziwa nami ukuthi ngikhona #UkhoziFMWNB
18:52
ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Ubuchwepheshe be-AI sebushintshe umkhakha wezobuciko ngendlela esheshayo futhi edidayo. Kusukela ekukhiqizeni umculo, ekwakheni izithombe, ekulungiseni amafilimu, kuya ekwakheni izikhangiso, i-AI isishintsha indlela ubuciko obudalwa ngayo, obusabalaliswa ngayo, nokuthi abantu babubona kanjani #UkhoziFMWNB
24:48
UKHOZI FM MOTORING_ Sbo Myeni - Kujwayeleke ukuthi uma uthenga imoto nge-finance, uyithenge e-dealership #UkhoziFMWNB
12:11
ASISABALALE NGOLWAZI_ no-Nco Dube - Geopolitics ichaza ukuthi amazwe asebenzisa kanjani indawo, amandla, izinsiza, ubudlelwano, izimpi, izivumelwano, izimakethe, nezikhungo zamazwe omhlaba ukuze akhe amandla ne-influence. Namuhla sichaza ukuthi kungani izigameko ezenzeka eMiddle East, eAsia, eEurope noma eLatin America zingathinta intengo kaphethiloli eSouth Africa, ukudla, umsebenzi, izinqumo zikahulumeni, nokuthi kungani umhlaba uxhumene ngendlela ejule kangaka #UkhoziFMWNB
22:46
ISIHAMBELI (GUEST) - Njengoba iNingizimu Afrika igubha iminyaka engu-70 kwenzeka i-Women’s March yango-1956, sithe akesibe nengxoxo no-Dr Criselda Kananda ukubheka kabanzi incazelo yangempela yeNyanga Yabesifazane. Sizobheka ifa labesifazane ababa nesibindi sokulwela inkululeko namalungelo esiwajabulelayo namuhla, kanye neqhaza elibalulekile eliqhubeka lidlalwa ngabesifazane emakhaya, emiphakathini nasezweni lonke. Sizophinde sixoxe ngokubaluleka kokubonga, ukuhlonipha nokuqhakambisa igalelo labesifazane #UkhoziFMWNB
12:04
Load more