#UkhozifmVabs :Sikhuluma no Ntombenhle Mkhize ongomunye wamalungu afakele i-MK Party isimangalo eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape, lapho belwela khona ukuba le nkantolo ibuyekeze isinqumo sokubakhipha ephalamende. U- Ntombenhle ukhala ngokuthi leliqembu lamxosha ephalamende emva kokuthi esesule nase msebenzini wobuthishela. Asixoxe no-Ntombenhle sizobuye sikhulume no Sihle Ngubane ongusotshwebhu we MK Party ePhalamende, siphinde sizwe uvo luka Mnuz Reggie Ngcobo okhulumela uSomlomo wePhalamende.