#Ukhozifmvabs :Usegcine ekwazile ukubuyela ekhaya eNingizimu Afrika u-Bongile Ntombela obekade evinjelwe ukuphuma ezweni lase United Arab Emirates ngenxa yemali ebekade eyikweleta ibhange kuleliyalizwe. U-Bongile ubesezinze iminyaka eyisithupha kuleliyalizwe lapho kade esebenza khona, kodwa izinto ziqale ukubheda ngesikhathi kuphela umsebenzi ngo January wangonyka owedlule. Ubesezame imigudu eminingi yokuthi akhokhe lemali ebilinganiselwa ku R120-thousand kodwa ugcine ethole usizo ezinkundleni zokuxhumana.