#Ezwesakhile :Buyi Zulu oneminyaka engu 33 uthungatha imoto yakhe ekhonjwa ezweni lase Swatini emuva kokuthi ubaba wezingane zakhe ebambise ngayo kade eboleke u-R17, 500. U-Buyi ongowaKwaDukuza eKZN uthi wathenga imoto ngo 2021 ngenhloso yokulekela ubaba wezingane ukuthi akwazi ukusebenza kepha ngo June kulonyaka ubaba wezingane wanyamalala nemoto waze watholakala emuva kwamasonto ngaphandle kwayo. Ngokuhamba kwesikhathi kwatholakala ukuthi imoto ise Mpangeni nalapho kusolakala ukuthi ubaba wezingane wayebambise ngayo emuva kokuboleka imali. U-Buyi kanye no baba wezingane sebe buya naseMbabane eSwatini nalapho batshelwa khona ukuthi imoto yathengwa ngo R60, 000 ngaphambi kokuthi iwele umngcele. U-Buyi uthi lemoto ewuhlobo lwe bakkie ibiza u-R380, 000. Loludaba luphambi kwamaphoyisa ase Swatini kanye nawase Ningizimu Afrika.