#Ezwenisakhile :uMnuz Mfaniseni Jabulani Ndlovu owaziwa ngela Mgabhi wase Mtubatuba eKZN okhala ngokuthi lowo owayengunkosikazi wakhe akasamhloniphi kangangokuthi usefaka ishende emagcekeni akwakhe. Laba bobabili sebehlukanisile kodwa inkantolo yanquma ukuthi baqhubeke bahlale ndawonye kodwa bangakhulimisani futhi bangangenalani emakamereni. Lendaba isingenwe abezomthetho kanye nezinduna namakhosi endawo ukuze kutholakale isixazululo. Kanti izolo uMgabhi uthi amaphoyisa akhiphe incwadi egunyaza ukuthi aboshwe. Sikhuluma no Mgabhi, sizobuye sixoxe neNkosi Ntokozo Mkhwanazi, siphinde sikhulume nophuma emnyangweni weZobulungiswa.