#Ezwenisakhile :Sixoxa noNkosikazi Gugulethu Malinga ohlala endaweni yase Lovu eningizimu yeTheku ofuna ubulungiswa kulandela ukudlula emhlabeni kwendodakazi yakhe ngendlela athi esolisayo ngonyaka ka 2022. U- Malinga oneminyaka engu 71 uthi ngosuku lwesigameko wafonelwa umkhwenyana wendodakazi yakhe imtshela ukuthi uzibulele. Uma efika emzini wabo wafica isidumbu sendodakazi yakhe emva kwendlu sinamanxeba okugwazwa. U-Malinga ukhala ngokuthi kuze kube imanje akazi okwenzeka ngaloluyasuku yize kwavulwa icala emaphoyiseni.