#Ezwenisakhile :sithe namhlanje ake sibheke udaba lokuqhubeka nokushaywa kwezingane eyikoleni yize ngokomthetho lungasavumelekile loluhlobo lesijezo. Silandelela udaba oluthinta umfanyana oneminyaka eyishumi ongowase Mtubatuba eKZN nosola owayenguthisha wakhe ngokumshaya ngepayipi laplastiki esandleni okwaholela ekutheni afake ukhonkolo. Ngokuka gogo womntwana, lothisha ofundisa esikoleni samabanga aphansi waqala wavuma ukuthi umshayile umntwana waze waxolisa kodwa ngokuhamba kwesikhathi waliphika icala wathi umntwana uwe esihlahleni. Ugogo ukhala nangokuthi umntwana akasakwazi ukusebenizisa isihlakala emva kwalesehlakalo.