#Ezwenisakhile :sikhuluma ngodaba olubandakanya ukukhulisa umtwana okungasiye owakho. Lokhu kulandela isimo esithinta uJabulisile Manzi wase Lamontville eThekwini ofisa ukwazisa lowo ozazi njengobaba womntwana ukuthi ingane akuyona eyakhe. U-Jabulisile wathola lomntwana eneminyaka engu 14 ethandana nabantu ababili ngesikhathi esisodwa nokwaholela ekutheni anike ingane ubaba okungasiyena. Lomntwana womfana useneminyaka engu 21 kanti wakhuliswa abazali balobaba owathweswa ijazi. U-Jabulisile uthi inkinga iqale uma umntwana esebonisa izimpawu zokungalawuleki nokwagcina enqume ukuthi aye kumuntu ohlolayo owamtshela ukuthi ingane isekhaya okungelona. U-Baba wangempela womntwana useyazi ngaloludaba emva kwemiphumela ye DNA, uJabulisile usesele nokwazisa lowo owakhulisa umntwana.