#Ezwenisakhile :Sibheka udaba oluthinta omama ababili abasola izibhedlela zase KZN ngokuduka kwezingane zabo ngesikhathi beyoteta. Odabeni lokuqala u-Nqobile Buthelezi wase Folweni eThekwini uthi wathola amaphepha amabili ayesho ukuthi utete amawele elomfana nelentombazane kodwa waphuma e-theatre nosana olulodwa olwentombazane kuphela. Wagcina engayitholanga incazelo egcwele ngokuthi kwenzakalani ngengane yomfana. Loludaba baze baludlulisela nasemaphoyiseni kodwa abalutholanga usizo. Odabeni lwesibili u- Zinhle Duma wase Molweni ePinetown uthi wayekhulelwe amawele kodwa wagcina ehambe nengane eyodwa yentombazane emva kokuthi udokotela ethe akayiboni ingane yesibili ngesikhathi emtetisa e-theatre. Sikhulumile noMnyango weZempilo eKZN bathi basaphenya. Sizophinde sikhulume nommeli ozosicebisa ngemigudu engathathwa izivakasheli zethu.