#Ezwenisakhile : Mercy Gamede Zwane :Sekuqubuke ukungezwani phakathi kwamalungu enhlangano yamatekisi ase Mnambithi i-Clipriver Taxi Association kulandela ukunyamalala kwemali elinganiselwa ku R3 million wamarandi ebikade isesikhwameni salenhlangano. Lokungezwani sekuholele ekutheni kube khona amalungu asatshiswayo futhi loludaba selungenelelwe amaphoyisa kanye nenhlangano eyengamele lembhoni jikelele i-Santaco. Sikhuluma no Mercy Gamede- Zwane ophuma kwi Clipriver Taxi Association.