Ukhozi FM News BulletinsUkhozi FM News Bulletins

13 Nov 2015 06h00 am

View descriptionShare
Izisebenzi zasemayini ezaboshwa nezalimala eMarikana zifuna isekela likamengameli umnumzane Cyril Ramaphosa lixolise liphinde linxephezele bonke laba abathintekayo. Ummeli wabo uAndries Nkome ukuqinisekisile ukuthi uRamaphosa ukhishelwe amasamanisi mayelana nesigameko sokudubula emayini yePlatinum sangoNcwaba ka2012 lapho kwashona khona izisebenzi zasemayini ezingamashumi amathathu nane. uNkome uthi lamasamanisi aphinde anikezwa uhulumeni nenkampani iLonmin. Okhulumela ihhovisi likaRamaphosa uRonnie Mamoepa uthi uRamaphosa uyalele abammeli bakhe ukuthi bavikele lesisinyathelo. URamaphosa phambilini utshele iphalamende ukuthi angeke akwazi ukuphendula imibuzo ethinta udaba laseMarikana njengoba ekhishelwe amasamanisi.
  • Facebook
  • X (Twitter)
  • WhatsApp
  • Email
  • Download

In 1 playlist(s)

  1. Ukhozi FM News Bulletins

    132 clip(s)

Ukhozi FM News Bulletins

Social links
Recent clips
Browse 132 clip(s)