Open Letter ebhekiswe kubazali abenza okuthile ngokhisimusi kuphela.
Dear Msakazi,
Ngicela ukungazisho, kungaze kuthiwe ngiyagadla. Kunomkhuba ongemuhle
engiwubona wenziwa abazali kakhulukazi laba abangahlali nabantwana babo.
Njengoba sesibheke kukhisimusi iyaqala inkathazo kubuzwa o size
bezicathulo nezimpahla, kubuzwa ukuthi useyofunda ubani. Uma umuntu
engahlali nengane akusho ukuthi akumele azihluphe ngokuyazi.
Kunento ethi usufuna ukuqhamuka umuhle nama very nice okuyizinto umzali
ohlala nomntwana angakhoni ukuzenza ngoba ubheke ukuthi akudliwe
kuyiwe esikoleni. Umuntu ujahe ukuthi uzolanda ingane iyekubo, nalapho
akahlezi nengane ukuze ayazi ayijwayele ugcwele iziganga nabangani bakhe.
Isizwe esimnyama sibhekene nenkinga yabazali abenza izingane kodwa
bangazikhulisi. Ake sizame ukwenza kangcono kungavelwa ngokhisimusi
kuphela futhi nakhona ngenxa yengcindezi yezimpahla zakhisimusi.
Ozithobayo,
Anonymous