#Ubusuku Obuhle - Edmund Mhlongo - 7 kuMandulo 2026Namhlanje sikhuluma no Dr Edmund Qhawelenkosi Mhlongo. Uma kukhulunywa ngezokubhala, ukuqondisa, ukudidiyela emkhakheni wezeshashalazi, igama lakhe angeke lisale ngenxa yamagalelo akhe kwezobuciko. Njengoba kuyinyanga yamagugu namasiko, u Dr Edmund Qhawelenkosi Mhlongo ungomunye oqinisekisayo ukuthi umlando, amasiko namagugu ethu ayagcineka ngayo imdlalo.