#Siz’pholele no Saziwayo Omega Mncube - 03 July 2026Ukuzimisela, ithalente nothando lwezobuciko yikho okugqamise u Omega Mncube, umlingisi osemncane kodwa osezakhele igama kumabonakude eNingizimu Afrika. Lensizwa ikhulele eNewlands West khona la eThekwini, lapho aqala khona ukuphupha ngokungena emkhakheni wezeshashalazi. Lawo maphupho awagcinanga ngokuba yizifiso kuphela, njengoba eqhubeke wayofundela iDrama and Production Studies e Durban University of Technology (DUT), lapho alolonga khona ikhono lakhe lokulingisa. 5 min
Omega usevele ezinhlelweni zikamabonakude ezaziwayo njengo Uzalo, eHostela, Umkhokha, Isiphiwo, kanye ne-Strings Attached, lapho eshiya izethameli zihlabeke umxhwele ngobungcweti bakhe. Uphinde waveza ikhono lakhe efilimini ethi Red Tape, okuwubufakazi bokuthi ungumlingisi ozimisele ukukhulisa igama lakhe embonini yezobuciko. Namuhla, u-Omega Mncube uqhubeka nokumela intsha yaseThekwini ngokuzimisela, ekhombisa ukuthi ithalente, imfundo nokusebenza kanzima kungavula iminyango emikhulu embonini yezokulingisa.