Traditional Music show . it is the biggest Maskandi radio show on planet with more than 3 million listeners.
Ukufumbathiswa komnumzane ngezinsuku zakhe zokugcina.
Umfula nomuntu kuhlangana kanjani?
Sibheka imimoya emibi nesiqalekiso ngokweSintu.
Ezaleni... Indawo engae sangweni lapho umakubasiwe kuchithwa khona ngisho umlotha abanye uma kunenkinga noma kunani baya khona.
Sikhuluma ngo bizo Uma umuntu enobizo ngokwesintu uba nezinkinga kanti zisuke zidalwa ubizo, kwesinye isikhathi sikuxabanisa nabantu kuhlibhizeke izinto.
Impilo yomuntu iyisibonakaliso (isiprofetho)
Sikhuluma ngokuphendulwa kwedlozi.
Njengoba unyaka uphela sibheka ukwenziwa kwemsebenzi ngokweSintu kugcinwa isiko elithile.
Sikhuluma Ngebhadi.
Sikhuluma Ngesiqalekiso no Dr Mhlongo.
Sikhuluma ngomehluko phakathi kwespoki neslwane.
Sikhuluma ngoku thwetshulwa kwedlozi.
Sibheka ulaka lwaba phansa.
Sino Baba uHHashi Elimhlophe, simazi kakhulu endimeni kaMaskandi bawuthatha bawufaka kuyo yonke imikhakha. Siyamazi futhi kakhulu enza "iHhashi Movement".
Sibheka ukubhula ngamathambo.
Sibheka ubuhle nobubi bokucushwa kwesidumbu.
Sibheka Iphupho. Abantu abangasekho bayafika kubantu abaphilayo ngephupho, thina sifisa ukubheka ukuthi esikhathini samanje nakudala sisakholelwa yini kulokho.
Sifuna ukubheka ukuhlola, kudala kwaku khona ukuhlola namanje kusekhona njengoba manje sekuhlolwa ngisho ko-social media, ngabe kuseyinto efanayo yin?
Sikhuluma ngebhadi, ukwehlelwa amashwa.
Sibheka ukubaluleka kokuziphatha komuntu wesifazane njengoba kuyinyanga yama gugu.
Njengoba kuyinyanga yamasiko sikhuluma ngempepho njengoba impepho kuyiyo esixumana ngayo nezidalwa.
Sikhuluma nge nqolobane. Inqolobane sazi ukuthi yayigcina izivuno ekhaya mesihehla sibheka emumva.
Sisekuyo inyanga yabantu besifazane, sibheka umuntu ongabatholi abantwana ngokwe sintu. Wa celelwa ingane kwabadala noma emusamu.
Ukuphila kwakudala noku phila kwa manje – Kusafana yini? Uma sibuka umuntu wesifazane ezilile.
Njengoba siqala inyanga yabantu besfizane, Sikhulma ngomuhlonyana siqhathanisa nakudala namanje ukuthi ngabe sisakwenza yini ngendlela efanele.
Namhlanje sibheka ukuthi kudala kwaku khona yini ukuthwasa kangaka mesiqathanisa nesikhathi samanje.
Sikhuluma ngokuphuma kwentombi iyogana.