ABASIKI BEBUNDA: SMALLER PARTIES - OLD & NEW - UNPACK THEIR ELECTION MANIFESTOS AHEAD OF LGEAmaqembu ezepolitiki aneminyaka embalwa esunguliwe nalawo asanda kusungulwa nawo enze izethembiso kubavoti njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni bezindawo nomhlaka-4 November 2026.
Umengameli we Operation Dudula, uSibongile Maseko uchaze kabanzi ngohlu lwabo lwezethembiso kubavoti kanye nezinhlelo zabo zokulungisa uhlelo lukahulumeni olubhekelele abokufika.
UMzuvele Cele, umengameli we South African Mass Movement (SAMMO), usilandise ngesinqumo sabo sokubhalisa kwa-IEC njenge qembu leze politiki. I-SAMMO ibiyinhlangano yomphakathi ngaphambilini, elwela ushintsho emphakathini kanye nokuguqulwa komthetho sisekelo.
USiyabulela Mateza, umengameli we African Unemployed Congress ulandise abavoti ngezinhlelo ezahlukene zokwakha amathuba omsebenzi eNingizimu Afrika abazihlelile. Leli qembu lisungulwe ngo 2025 ngenhloso yokubhekana nokwentuleka kwamathuba emisebenzi. I- African Unemployed Congress ikholelwa ukuthi amathuba emisebenzi akhona, kodwa uhulumeni kuphela ohluleka ukulibeka eqhulweni lolu daba. Abakwa Statistics South Africa bathi isibalo zabangasebenzi kuleli simi ku 33.6%.