{"type":"rich","version":"1.0","title":"#Ezwenisakhile:sixoxisana no Andiswa Tokota ohlala eThekwini osola lowo ayethandana naye ngokumqola imali engango R400, 000. U-Andiswa oneminyaka engu 35 uthi wahlangana nalomlisa ngo 2020, uthi uthando lwabo lwaluvutha amalangabi kwaze kwafika lapho emcela khona ukuthi amthengele i-truck elisha emuva kokufelwa i-truck ebekade esebenza ngalo. U-Andiswa uqhubeka athi wagcina evumile ukuyoboleka imali ebhange emva kwesikhathi emncenga, umlisa wase wathembisa ukukhokha u-R20, 000 ngenyanga aze asiqede lesikweletu. Uthi wawukhokha lo R20, 000 kwaba kanye emva kwalokho wamshintshela, engasaluphenduli ucingo, bengasavakashelani futhi engasayikhokhi nemali yasebhange. U-Andiswa osebenza njengomhlengikazi uthi lomlisa ubelobola omunye umuntu ngalo December esiphuma kuwo. Sixoxa no Andiswa sizophinde sixoxe nommeli ozocebisa u-Andiswa ngemigudu angayithatha ukuze athole imali yakhe. Simthintile umlisa izolo, wacela ukuthi sibuye sifone kodwa uma sesibuyela kuye ubeseluvalile ucingo.","author_name":"Ukhozi Breakfast","author_url":"http://www.ukhozifm.co.za/","provider_name":"Omny Studio","provider_url":"https://omny.fm","html":"<iframe src=\"https://omny.fm/shows/vuka-africa-breakfast-show/ezwenisakhile-sixoxisana-no-andiswa-tokota-ohlala/embed\" width=\"100%\" height=\"180\" allow=\"autoplay; clipboard-write; fullscreen\" allowfullscreen frameborder=\"0\" title=\"#Ezwenisakhile:sixoxisana no Andiswa Tokota ohlala eThekwini osola lowo ayethandana naye ngokumqola imali engango R400, 000. U-Andiswa oneminyaka engu 35 uthi wahlangana nalomlisa ngo 2020, uthi uthando lwabo lwaluvutha amalangabi kwaze kwafika lapho emcela khona ukuthi amthengele i-truck elisha emuva kokufelwa i-truck ebekade esebenza ngalo. U-Andiswa uqhubeka athi wagcina evumile ukuyoboleka imali ebhange emva kwesikhathi emncenga, umlisa wase wathembisa ukukhokha u-R20, 000 ngenyanga aze asiqede lesikweletu. Uthi wawukhokha lo R20, 000 kwaba kanye emva kwalokho wamshintshela, engasaluphenduli ucingo, bengasavakashelani futhi engasayikhokhi nemali yasebhange. U-Andiswa osebenza njengomhlengikazi uthi lomlisa ubelobola omunye umuntu ngalo December esiphuma kuwo. Sixoxa no Andiswa sizophinde sixoxe nommeli ozocebisa u-Andiswa ngemigudu angayithatha ukuze athole imali yakhe. Simthintile umlisa izolo, wacela ukuthi sibuye sifone kodwa uma sesibuyela kuye ubeseluvalile ucingo.\"></iframe>","width":600,"height":180}